Ndosi!
Magaye!
Khumbuza! Nkomisengw'ilele ngoba mayimil 'iyakhahlela!
Vico akagezanga wabuya nensil'efuleni!
Dubandlela!
Mkhokheleli kaLanga, kaZwana,
kaSodi,
kaNqumela,
kaNyambane!
Mande!
Nj'emathambothambo engachemi nezitha!
Xamu odla umsingizane, Squng' esihle esizalela amasakabuli,
Sthol'esihl'esimdludlukazi!
Sqandu uyavuvula
(oCele banolaka futhi bakhuluma amazwi ahlabayo)
Zibula!
Mbutho!
Xabhashi!
Manzolwandle!
Cilo owahlala emhlangeni qede umhlanga wathoba.
Ekulandeleni umlando oNdosi yibo phela abaluleka iLembe
ukuthi inkomo (intombi) mayisengwe (mayeshelwe) ilele (ithobile).
Lokhu kusho ukuthi izintombi zakwaCele zinolaka ngakho kufanele ube namasu okuyithobisa uma uyeshela.
UVico ubuya nensila emfuleni nje, ingoba phela oCele babegeza ngobisi abafokazana begeza ngamanzi.
Abatheng'u twayi ngembuzi bathi kumnandi ukwenwaya Ndosi!